A.1 Ukuze kugcwaliseke futhi kusebenziseke ngempumelelo imithetho-mgomo kanye nokushiwo uMthetho-sisekelo mayelana nokusebenza kombuso, bonke abasebenzi balindeleke ukuthi bathobele bahambisane naloMgomo wokuziPhatha,.
A.2 Umgomo uzokusebenza njengomhlahlandlela kubasebenzi malungana nokulindeleke kubona ngendlela yokuziphatha ngobuqotho kanye nobudlelwano ababa nabo nabanye abasebenzi. Ukuhambisana naloMgomo kungalindelwa ukuba kukhuphule izinga lobungcweti emsebenzini futhi kusize ekuqinisekiseni ukwethenjwa nokuba neqholo ngoMnyango wezokuThutha.
A.3 Yilowo nayilowo mqashwa unesibopho sokuzithiba kanye nokulandela imithetho ebekwe yilo Mgomo. Kanjalo iziMenenja nezinduna zinejoka lokuqinisekisa ukuthi loMgomo uyalandelwa kanti kufanele lokho kwenzeke ngaphandle kokukhetha iphela emasini.
A.4 UMgomo wokuziPhatha awumiselwe ukuba wenze lukhuni ukuthuthuka komqashwa, kepha ukuba kuvikeleke amalungelo oMnyango kanye nawomqashwa.
B.1 Lo Mgomo uyisengezo kuMgomo wokuziPhatha okukhulunywa ngawo eSahlukweni 2 semiThetho-migomo yeMinyango kaHulumeni ka 2001, embandakanya bonke abasebenzi bakaHulumeni. Wengezelwe ukuthi ubhekane ngqo nezidingo zoMnyango wezokuThutha. Uma kukhona ukuphambana phakathi koMgomo wokuziPhatha weMinyango kaHulumeni, njengalo utholakala kuMithetho-mgomo yeMinyango kaHulumeni ka 2001, kanye noMgomo wokuziPhatha woMnyango , kuzolandelwa lo weMinyango kaHulumeni.
B.2 Kunesidingo sokufundisa abaqashwa malungana nobudlelwano phakathi kwabo nesishaya-mthetho, kanye neziphathi mandla zepolitiki nezikhulu, abanye abaqashwa kanye nomphakathi, futhi bafundiswe nangomoya okufanele abaqashwa basebenze ngawo, nanokuthi yini okufanele bayenze ukugwema ukungezwani nokushayisana kwezidingo, nanokuthi yini elindeleke kubona malungana nokuziphatha kwabo emphakathini nasezimpilweni zabo zangasese kanye nasemsebenzini.
B.3 Yize UMgomo wokuziPhatha ubhalwe ukuthi ubhekele konke, awusilona iqoqo eliphelele lemithetho elawula amazinga okuziphatha. Yize kunjalo, uMqondisi-Jikelele, ngokuhambisana nokushiwo yisigaba 7 (b) soMthetho weMinyango kaHulumeni, ka 1994, ukuze kuphatheke kulawuleke kahle uMnyango kanye nokugcineka komthetho, phakathi kokunye, unesibopho sokuqinisekisa ukuthi ukuziphatha kwabaqashwa bakhe kuyahambisana nobuqotho nezimiso okwengamele iminyango kahulumeni kanye nemigomo nezinkambiso ezifanelekile njengokusho kwaloMthetho.
B.4 Inhloso enkulu yaloMgomo ukukhuthaza ukuziphatha okuyisibonelo. Ngalokho ke, umqashwa uyokutholwa enecala lokungaziphathi kahle futhi abhekane nohlelo lokuqondiswa kwezigwegwe njengokwenqubo kahulumeni uma ukwenza kwakhe kuphambana noMgomo wokuziPhatha kumbe etholakale ehluleka ukufeza ezinye zezidingo zalomgomo.
C.1.7 angephuli nowodwa UMgomo wokuziPhatha omiselwe abasebenzi bakaHulumeni.
C.2.11 akhulume namalungu omphakathi nganoma iluphi ulimi olusemthethweni inqobo uma lukhethwe ngumphakathi.
C.2.14 angabeki izimpilo zabanye kumbe eyakhe engozini ngokungalandeli imithetho yokuphepha kumbe ayishaye indiva.
C3.17 angabambi iqhaza kumibhikisho engahambisani nezinkambiso zasemsebenzini futhi nengekho emthethweni.
C.4.6 acele ukungabambi iqhaza kuzinqumo kumbe kuzenzo emsebenzini ezisemthethweni uma lokho kungase kumlethele inzuzo ngendlela elukeke, enokukhetha nenobandlululo.
C 4.16 enze imisebenzi ephuthumayo angahle acelwe nguMphathi woMnyango ukuba ayenze ngaphandle kokuchitha isikhathi, noma kungesisona isikhathi esejwayelekile somsebenzi kodwa kuyisimo esingaphezu kwamandla oMphathi futhi esinesididngo sokuba siphuthunywe ngaleso sikhathi buka uMthetho-mgomo weminyango kaHulumeni V1.C.
C4.31 angawephuli umthetho esemagcekeni esakhiwo soMbuso.
C.5.3 angasebenzisi isikhundla sakhe sasemsebenzini ukuthola izipho nokugwazisa umphakathi nezinye izinzuzo futhi angemukeli lutho uma lokho kubonakala njengokugwaza. Zonke izipho kufanele zethulwe zibhaliswe encwadini yokuqopha izipho.
C.6.1 ngokwezizathu zokuxhumana kwangaphakathi, asebenzise ulimi lesiNgisi njengolimi lokuxhumana futhi lokhu kufanele kubonakale kukhona konke ukwenza kwangaphakathi komsebenzi (i.e., imibhalo, imihlangano, nokunye).
C 6.5 ahambisane nemigomo yobuchwepheshe bokuxhumana ngamacomputer njengalo yazisiwe.
C.7.11 akhuthaze umoya wokwethembana ngokuhlala azisa nangokuhlala azisekile.
D.1. Zonke iziMenenja kanye nabasebenzi kufanele baqinisekise ukuthi bayayazi ngokugcwele ImiThetho-migomo yeMinyango kaHulumeni 2001, Isahluko II, uMthetho 108 ka 1994, wemigomo nezinkambiso zokuqondiswa kwezigwegwe kuMinyango kahulumeni. UMkhakha wokusetshenziswa kwemithombo yabasebenzi uzokusiza iziMenenja nabasebenzi ngezinhlelo zemikhankaso yokwazisa nangezincwadi ezisatshalaliselwa abasebenzi.
E.1 IziMenenja kufanele zizame ngaso sonke isikhathi ukuthi zivimbele ukudaleka kwezimo zokungagculiseki nokukhononda ngokuphatha kahle nangezindlela zokuqasha ezinobuqotho. Zonke iziMenenja nabasebenzi kufanele baqinisekise ukuthi bayalwazi uhlelo olulandelwayo uma kukhona inkinga efuna ukuxazululwa. Ingosi yokuphathwa kwemithombo yabasebenzi izoba neqhaza lokwesekela ngokwazisa iziMenenja nabasebenzi ngamalungelo abo nezibopho zabo.
F.1 Yonke imibhalo ephathelene nezinqubo zokuqondiswa kwezigwegwe kufanele ibekwe kwiNxenye eyengamele imiThombo yabasebenzi, ezobhekela ukugcinwa kwayo ngokuphepha.
F .2 Ingosi yokuphathwa kwemithombo yabasebenzi izobhekela ukugcinwa kwamanani-zibalo kanye nokubhalwa kwemibiko njengokusho kwemiThetho-migomo yeMinyango kaHulumeni.
F.3 UMnyango, abasebenzi bawo kanye nezinyunyana kufanele bazinikele ekugcinweni nasekuhlonishweni kokuqukethwe yiloMgomo wokuziPhatha.
